M.L.A Creative Art
Thursday, March 27, 2008
Sinjalo-ke Isibuko
Ekufikeni kwakho sibuko
Washintsha isizwe,
Sambaxambili,
Kwakhona abajabula benconcoza,
Kwakhona abazinyezayo,
Isizwe safund’ ukuqhathanisa,
Ingxenye yaphendukel’ uMdali,
Imbuza, imgxeka,
Lapho izibona ubunjalo,
Yehluleka ukuzamukela,
Abanye bazishintsha ibala,
Abanye bazishintsha ukubukeka,
Isizwe sahlakazeka,
Awu! Ngiyakwesaba sibuko.
Azibuyele Emasisweni
Selokhu ngithule
Ngidla amathambo engqondo,
Ngibheka indlela izizwe ezikhuluma ngayo,
Ngibheka indlela izizwe ezenza ngayo,
Ngibheka indlela izizwe eziziphatha ngayo.
Ngithola izizwe zilila,
Zilila isililo esifanayo,
Zilili zilila zililisana,
Zililiswa izinqinamba ezifanayo.
Zonke izizwe zikhala ngomashayabhuqe,
Zonke izizwe zikhala ngezidakamizwa,
Zonke izizwe ngesimilo esixegayo esintwini.
Kungani singacabangisisi na?
Sizibuze, ngabe akukho esikushiyile na?
Hleze ingemuva lethu nje,
Ngabe siyalazi ingemuva na?
Ngabe siyakwazi okwakwenziwa na?
Pho sikulahleleni?
Sesikwenzile okuyintando yethu,
Mihla namalanga siyakhihla,
Sikhihliswa yimivuzo yezenzo zethu,
Lesi sekuyisikhathi sokushintsha,
Sishintshe indlela esenza ngayo,
Sibuyele ezimpandeni zethu,Hleze singaphepha ezifeni ezingalapheki